04/10/2026
USNQAMU USHIYA ISTAGE EMDLALWENI WENDISHI YOKHOZI FM NGOKUNGAJABULISWA AMAGIDANGOMA
Umculi kaMaskandi uSnqamu Sodidla ubhekane nesikhathi esinzima ngesikhathi edlala emcimbini weNdishi YoKhozi FM obubanjelwe e-K.E. Masinga Road.
USnqamu kubikwa ukuthi ucasulwe wukungabi khona kwamagidangoma akhe ajwayele ukuhamba naye esiteji. Esikhundleni salokho, ubethola amanye amagidangoma, nokwenze kwaba nzima kuye ukuthi enze kahle ngendlela ajwayele ukwenza ngayo.
Ngokusho kolwazi olutholakalayo, uSnqamu uzame ukuqhubeka nokudlala, kodwa isimo asihambanga kahle kuye. Ngisho nomphathi wakhe, uDr 3 Seconds, kuthiwa uzame ukumkhuthaza ukuthi aqhubeke nokwenza i-performance, kodwa lo mculi wagcina enikine izandla, washiya istage.
Lesi sigameko sidonse amehlo abantu abebekhona, ikakhulukazi ngenxa yokuthi amagidangoma ayingxenye ebalulekile endleleni uSnqamu ajwayele ukwenza ngayo ama-performance akhe.